ukunweba 'ukufinyeleleka' kwelungelo lokuthola ulwazi ukubandakanya ukufinyelela kweningi kumkhakha wokwenza nokukhiqiza imisebenzi yobusakazi.
ilungelo lenkululeko yezezindaba zamaphepha nababhali bezindaba nezinye izinhlobo zezezindaba , inkululeko yokuthola nokuhambisa ulwazi nezindaba nemibono, inkululeko kwezobuciko nobuqambi; inkululeko kwezomkhakha wezemfundo ophezulu kanye nenkululeko yezocwaningo.
ukusukela ekuthuthukisweni kombono, udaba lwenqubo yokulingana lubalulekile ekwenzeni ukuthi zonke izinto zihambe ngokulingana ngendlela efanele nelungile kwimboni yezokusakaza ngokukhuthaza ukungena nokusungulwa kwamabhizinisi amasha kule makethe yezokusakaza.
Ubusakazi bamarediyo bezentengiso bomthamo ophansi - kungawubusakazi obusebenza ukusakaza kuma-mall ezitolo/ezikhungweni, emabaleni emidlalo, emabaleni emibukiso, kanye nasezindaweni zamabhayisikobho okushayela ubukele uhlezi emotweni noma amanye amasevisi anjalo, iziphathimandla ezingabona bufanele.
Izinkonzo ezobusakazi bamaredioyo bomthamo ophansi - obusebenza ezindawo ezihlala abantu abadala, ukuxhumanisa izindawo zamasonto, ukuxhumanisa izindawo zezinkonzo zenkolo kanye namakhaya, noma ezinye izindawo ezinjengalezi, iziphathimandla ezingabubona bufanele.
Ubusakazi bamarediyo bemiphakathi kanye nobentengiso bomthamo ophansi buyosebenza iminyaka emithathu, kanti ilayisense yobusakazi bomthamo ophansi buyosebenza izinsuku ezingamashumi amathathu.
Ukubheka ukuthi ngabe yimaphi amafrikhwensi afanele angasetshenziswa ngumthamo ophansi.
Ukubheka indawo isiteshi sokusakaza esizosakazela kuyo.
Sungula iqembu lokusebenzisana elizobhekana nenqubo yesicelo kanye nokuba ngumenzi wesicelo egameni labagqugquzeli bomcimbi ozokwenziwa.
Gcwalisa ifomu lesicelo ngokuprinta, ngokusebenzisa amagama amakhulu.
Fakelani ifomu lesicelo lokuqala kanye namakhophi amafomu esicelo aqinisikisiwe angu-16 kwabe- nemali yesicelo.
Izicelo ezingagcwalisiwe ngokuphelele, zizobuyiselwa kumenzi wesicelo kanti ngeke samukela emahlombe ethu ukuphazamiseka okungabakhona.
Ukwamukelwa kwelayisense kungathatha izinyanga ezingu-2 ukuya kwezingu-3.
Ifomu lesicelo lizoba yingxenye yamasheduli eGazethi kaHulumeni.
